Ukuze ufaneleke kulolu hlelo, kumele ube yilunga lemiphakathi eyayicikelwe phansi ngesikhathi esedlule ubeneminyaka angu-18 noma engaphezulu kwayo ube nenhloso yokusebenzisa umhlaba ngenhloso yezolimo kuphela ube nenhloso yokulima ngokuphelele ungabe sesikhundleni sikahulumeni uzimisele ukungenela uhlelo loqeqesho ngemuva kokuthola umhlaba ube kwisimo sokufaka esivivaneni nawe nibe nihleleke kahle, uma nenza isicelo njengeqembu nokuba ne-akhawunti yebhangi.
Abalimi abaphumelelayo, abafisa ukukhulisa imisebenzi yabo yolimo, bangenza izicelo zemixhaso , kodwa inani eliphelele lwemali yosizo ngeke yaba ngaphezulu kwenani lika-R100 000. Ezinye izimali zokuqala noma zokukhulisa umsebenzi wolimo, kumele zicelwe kumabhenki.
Umxhaso yohlelo lwe-LRAD, alubuyiselwa njengemali-mboleko. Kusetshenziswa ifomyula ukubala ukuthi umuntu oyedwa uthola malini. Ukuze ufaneleke ukuthola umxhaso ka-R20 000, kumele ube nemali ozoyifakela nawe engu-R5 000. Lokhu okufakelayo akudingekile ukuthi kuze kube yimali engukheshi, kungaba yimishini yokulima, imfuyo noma enye impahla yezolimo. Ngisho nabasebenzi imbala, bangafakelwa kuprojekthi njengokuthela kwakho esivivaneni somxhaso wohlelo lwezolimo.
Khomba umhlaba ofisa ukuwuthenga. Kokunye, ungaba usunawo umhlaba, ofana nomhlaba ohlanganyelwe womphakathi.
Thintana noMnyango wezoLimo noma isikhulu somlimisi endaweni yangakini ukwenza isicelo somxhaso.
isiphakamiso sokuthi umhlaba uzosetshenziswa kanjani noma iplani yokulima ukukhetha ukuthenga nesivumelwano senani lentengo, uma niqasha ngenhloso yokuthenga uhla lwamalunga omuzi noma amalunge eqembu, uma nihlongoza ukuthola umhlaba njengeqembu isiqinisekiso sokuthi udaba lwetayitela lucacile, akukho abenze isicelo sokukhalazela ukubuyiselwa lowo mhlaba, umhlaba ubhaliswe ngegama lomthengisi, kanye nokuthi inani lentengo yomhlaba alikho ngaphezulu kwenani lentengo ezimakethe ubufakazi bokuthi insalela yemali edingekayo ikhona umbiko wokuhlola inani lentengo.
Inqubo izothatha isikhathi esingangezinyanga ezine, kodwa uma iprojekethi yenu inesixaka-xaka, kungathatha isikhathi eside kunalesi.
Umxhaso wemali engu-R20 000, izodinga ukuthi nani nibe nenikuthela esivivaneni , okulinganele u-R5 000. Kodwa umxhaso ophezulu wenani lika-R100 000, uzodinga ukuthi enikuthela esivivaneni kwenu kube yinani lika-R400 000. Phakathi kobuncane bamanani kanye namanani aphezulu , kukhona amanye amanani emixhaso aqhubekayo , ancike kulokho okufakelwa ngababamba iqhaza.
Nizonikezwa ifomu okumele niligcwalise, elivela ehhovisi lesifundazwe laboMnyango wezeMihlaba noma ehhovisi lomlimisi wendawo yangakini.
